UMalema noNgqongqoshe waseZim ‘bayasebenzisana’ ukuketula uMugabe – Umbiko

2017-05-09 11:00

Harare – UNgqongqoshe kuhulumeni waseZimbabwe useyichithile imibiko yokuthi usebenzisana nomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, ukuze baketule uMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe.

Umthombo wezindaba kahulumeni wakuleliya lizwe ngeSonto uveze izinsolo zokuthi uSaviour Kasukuwere, oyi-Zanu-PF Political Commissar, nophinde abe nguNgqongqoshe kuHulumeni, bakha itulo behlangane noMalema ngenhloso yokuketula uMengameli Mugabe, 93.

Kuyimanje uMugabe ubhekene nempi yobuqembuqembu ngaphakathi eqenjini lakhe elibusayo, iZanu-PF, nalapho kungacaci ukuthi ubani ozothatha izintambo kuyena.

OLUNYE UDABA: IZimbabwe ayilona izwe elihluphekayo – Mugabe

Iphephandaba elikhulu likahulumeni waseZimbabwe, iThe Sunday Mail, liveze izinsolo zokuthi uKasukuwere noMalema basekwa yisikhulu esithize saseBrithani, esinguLord Robin Renwic. Lithi uRenwick uyena owayengungqondongqondo ekubunjweni kombuso kaBishop Able Muzorewa ngonyaka ka-1978 eZimbabwe yize noma aphatha izinyanga ezimbalwa.

Leli phephandaba liqhube lathi uRenwick wayeyinxusa le-United Kingdom eNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.

“Ngesikhathi somhlangano obubizwe u-Advocate Jacob Mudeda, ngifake izinsolo zokuthi uCde Kasukuwere usebenzisana noJulius Malema ngoba bobabili banentshisekelo yokuthatha amandla kuMugabe kanye no[Jacob] Zuma,” omunye wongqongqoshe bakaMugabe uMartin Dinha, utshele iThe Sunday Mail, nalapho ephinde waveza izinsolo zokuthi uKasukuwere uyena owahlela ukuvakasha kukaMalema eZimbabwe ngo-2010.

Kodwa-ke uKasukuwere uzichaze njengembhudane lezi zinsolo wathi sekuyohlanganwa enkantolo.

I-EFF ayitholakalanga ukuba iphawule.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...