'Uma wethuka uMugabe ngeke usithole isibusiso'

2017-09-01 18:01

Gweru – Unkosikazi kamengameli waseZimbabwe usekhulume okokuqala emphakathini kulandela izinsolo zokushaya unobuhle waseNingizimu Afrika, kepha akazange aphawule ngalesi sigameko.

UGrace Mugabe ubehamba nomyeni wakhe uRobert Mugabe, 93, ngoLwesihlanu eralini yezombusazwe emayelana nokhetho lwangonyaka ozayo.

Uhulumeni waseZimbabwe kanye nabezindaba ezingaphansi koMbuso abathi vu ngezinsolo ezibekwe uGrace.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE - I-Zanu-PF ithi ‘uyasukelwa’ uGrace Mugabe ngezinsolo zokushaya

UGrace wabuyela eZimbabwe ngenyanga eyedlule ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika imnikeze ushwele kulesi sigameko.

UGrace usebenzise leli thuba ukugxeka amalungu eqembu elibusayo aphumela obala ngokweseka uMengameli kepha esithe amkhulume kabi yena nomndeni wakhe.

Uthe “uma wethuka uMugabe, ngeke usithole isibusiso”.

Lowo ongumholi wophiko lwentsha eqenjini elibusayo unxenxe uGrace ukuba akhalime intsha engaziphethe kahle.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...