'Uma eba nenkani uMugabe, koshaya iSonto sesimxoshile' -Zanu-PF

2017-11-18 08:59

Harare – Iqembu elibusayo eZimbabwe i-Zanu-PF party lilungiselela ukunxusa umholi wayo uRobert Mugabe ehle ngokuthula esikhundleni angaze aphoqe wumbutho.

Ngokombiko weReuters, ilungu elikhulu leZanu-PF lithe limfuna engasekho lo mholi kanti futhi bahlela ukuba bamxoshe ngeSonto.

"Uma enenkani, sizohlela ukuthi axoshwe ngeSonto, ngemuva kwalokho sizoba nevoti lokumketula ngoLwesibile," kusho umthombo waleli phephandaba.

OLUNYE UDABA:I-MDC ithi ayazi lutho ngohulumeni wesikhashana obandakanya uTsvangirai

Lo mthombo uthi ngeke le nhlangano ihlehle ezinhlelweni zabo zokumkhipha umholi wabo

"Akusekho ukuhlehlela emiva, kufana nomdlalo ophazanyiswa yimvula enamandla kanti elasekhaya yilona eliwinafo futhi sekusikwimizuzu engu-89," kuqhubeka lo mthombo.

Kuthiwa uMugabe akafuni ukushenxa esikhundleni sakhe kanti abasondelene nobuholi bombutho wesizwe bathi uMengameli uzama ukwandisa isikhathi sezingxoxo zokuphuma kwakhe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...