'Ukwedelela abantu ukuqamba isikhumulo sezindiza ngoMugabe'

2017-11-11 08:00

Harare – Iqembu eliphikisayo eZimbabwe, iMovement for Democratic Change, lithi ukuqanjwa kabusha kweHarare International Airport ukuba ibizwe ngeRobert Gabriel Mugabe International kungukudelelwa kwabantu baseZimbabwe.

Esitatimendeni, okhulumela i-MDC u-Obert Gutu, uthe uma nje iqembu lakhe selithathe izintambo, lizolishintsha leli gama.

"Uma nje uhulumeni omusha esethathe izintambo zoMbuso ngemuva kokhetho oluzayo, le nto yokushintshwa kwegama izoguqulwa,” esho.

OLUNYE UDABA: Ubalekele eChina obeyiphini likaMengameli

UMugabe ngoLwesine ubesemcimbini wokuqanjwa kabusha kweHarare International Airport ukuba ibizwe ngegama lakhe.

UGutu uthe uMugabe izwe useliguqule walenza into yakhe njengoba enza izinto ngokuthanda kwakhe nje.

Uphinde wathi maningi amaqhawe omzabalazo adinga ukuhlonishwa afana noHerbert Chitepo, Leopold Takawira, Lookout Masuku namanye amaningi obekungaqanjwa ngawo iHarare International Airport.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...