'Ukuthula nothando ngaphezu kwakho konke' - kusho uRobert Mugabe Jr

2017-11-15 12:31

Johannesburg – Njengoba sishubile isimo Zimbabwe, indodana kaMengameli Robert Mugabe, uRobert Mugabe Jr, isifake enkundleni yezokuxhumana i-video endala lapho ubaba wayo egxeka ukuvukelwa kombuso kwenziwa ngamasosha.

Kule video efakwe ku-Instagram ngoLwesithathu ekuseni, uMugabe ubonakala ekhuluma ngesikhathi ayenengxoxo ne-BBC kudala ethi uzimisele ngokuphatha leliya lizwe "ngesandla sensimbi".

"Angeke kube khona muntu ozogqugquzela ukuthi kuketulwe umbuso bese ayavunyelwa ukuba ahlale ezweni, uma enze njalo kusho ukuthi akesiyena omunye wethu.

"Okunye esingakwenza ukuthi simbophe, kepha angikufuni lokho," kuzwakala uMugabe kule video.

URobert Jr ufake le video ehambisana nombhalo othi, "ukuthula nothando ngaphezu kwakho konke".

Imibiko iveza ukuthi uMugabe uqashwe ngeso lokhozi ngemuva kokuthi amasosha enkanise ePhalamende kanye nasekomkhulu lombutho wezempi.

URobert Jr, 25, wenza izifundo ze-Architecture e-University of Johannesburg.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...