'Ukuphi uMugabe?,' kubuza abantu baseZimbabwe

2017-11-23 10:59

Harare - Njengoba iZimbabwe ilungiselela ukufungisa umholi omusha ngemuva kokuphathwa nguRobert Mugabe iminyaka engu-37, abaningi bayazibuza bayaziphendula ukuthi kazi uMugabe nomkakhe bakuphi.

UMugabe, 93, owesulile esikhundleni sokwengamela izwe ngoLwesibili ngesikhathi amalungu eqembu lakhe ebematasa elungiselela ukumketula, akaze abonakale kusukela athula inkulumo ebhekiswe esizweni ngeSonto ebusuku.

Kule nkulumo kwakulindeleke ukuba amemezele ukuthi usethi khumu esikhundleni ayesiqhoqhobele kepha kwangenzeka ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Umengameli waseBotswana edansa kumenyezelwa ukuthi uMugabe usesulile

Imibiko imukhoba khona eHarare ekanye nonkosikazi wakhe kepha akucaci ukuthi bahleli ngaphansi kwamiphi imibandela.

Abanye bayazibuza ukuthi ngabe usesitholile yini isiqiniseko sokuthi uzovikeleka, nokuthi uzothola ushwele wokuthi ngeke ashushiswe.

U-Emmerson Mnangagwa, owaxoshwa njengesekela likaMugabe ngasekuqaleni kwale nyanga, kulindeleke ukuba afungiswe ngoLwesihlanu ngemuva kokubuyela kuleliya lizwe kulandela ukuthi athola izinsongo zokufa.

UMnangagwa wamukelwe ngenhlokomo efika kuleliya lizwe ngoLwesithathu ebusuku, wathola nethuba lokubingelela izakhamuzi.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...