Ukhethe ukuzibulala umama ngoba izingane zakhe zingawutholi umsebenzi

2018-03-20 19:32

Lagos - Umama onezingane ezimbili ezafunda zaze zagogoda, ogama lakhe ngu-Uzoaku, unqume ukuzilengisa ngoMgqibelo ekhaya lakhe eliseMgbakwu, eNigeria.

Kukholakala ukuthi lo wesifazane oneminyaka engu-66 ubudala bese kuphele isikhathi eside ebalisa komakhelwane bakhe ngokuthi izingane zakhe, ezathweswa iziqu eminyakeni eminingi eyedlule, kaziwutholi umsebenzi, kubika iPunch.

Isakhamuzi sakule le ndawo u-Uche Aniouno, uthe: "Ngigcine ukumbona ezinsukwini ezine ezedlule. Ubebalisa ngobuhlungu benhliziyo njengoba izingane zakhe zingawutholi umsebenzi. Kepha angazi ukuthi ngabe yini eholele ekutheni azibulale.

"Ubengowesifazane obesebenza ngokuzikhandla futhi ngeke ngisho ukuthi ubehlupheka. Enye yamadodakazi akhe yagana. Sshaqekile sonke ukuthi uthathe impilo yakhe ngale ndlela."

OLUNYE UDABA: Uzibulele obebhekene nawokudlwengula izingane zomakhelwane

Umfowabo kamufi, uFedrick Nwenu, utshele izintatheli ukuthi besingekho isidingo sokuthi udadewabo azibulale.

UNwenu uthe izindaba zokushona kukadadewabo zimthuse kakhulu.

"Udadewethu ubengenaso isizathu sokuzibulala njengoba ekwazile ukubhukula afundise izingane zakhe zaze zagogoda enyuvesi. Enye ishadile futhi isinezingane. Ngakho angisiboni isidingo sokuthi azibulale."

Okhulumela amaphoyisa uNkeiruka Nwode akatholakalanga ukuba aphawule.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...