Ukhethe ukudlwengula oshele wangaqonywa

2017-04-20 07:01

Bulawayo – Livelile enkantolo ibhungu elineminyaka engu-18 ubudala laseZimbabwe ngezinsolo zokudlwengula intombazane, 13, elikhonza nayo ngoba ingamqomi, kusho umbiko ngoLwesithathu.

Ngokusho kwephephandaba iChronicle, igama laleli bhungu ligodliwe ngenhloso yokuvikela isisulu esisesincane ngokweminyaka.

Leli bhungu liliphikile icala, njengamanje lingaphandle ngebheyili kanti lizobuyela enkantolo ngomhlaka-4 Meyi.

OLUNYE UDABA: Umkhwenyana uboshelwe ukudlwengula unkosikazi

Umshushisi uPride Gomera, utshele inkantolo ukuthi isigameko senzeka ngomhlaka-9 Disemba, ngesikhathi le ntombazane isendleleni ebheke ekhaya ibuya enkonzweni.

UGomera uthe leli bhungu liveze ukuthi liyamthanda ummangali. Ngesikhathi lingaqonywa lavele lamdlwengula lase libaleka endaweni yesigameko.

Umsolwa waboshwa ngemuva kokuba ummangali aphelezelwa wugogo wakhe bayovula icala emaphoyiseni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...