Ukhala ngesihluku okuphethwe ngaso uMugabe

2018-01-08 10:59

Harare – UPatrick Zhuwao ongumshana kalowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe kubikwa ukuthi uthe umalume wakhe uphethwe kabi nguhulumeni kaMengameli Emmerson Mnangagwa.

Ngokombiko weDaily News, uZhuwao ukusho lokhu engxoxweni abenayo neVoice of America (VOA).

"Bayiphethe ngesihluku indoda endala," kucashunwe uZhuwawo esho kanje.

"Kumele simhloniphe (uMugabe) waya empini; waboshelwa ukulwela abantu.”

UZhuwao ukusho lokhu ngemuva kwamasonto ambalwa uMnangagwa ethembise ngokunakekela uMugabe ozohlanganisa iminyaka engu-94 kungekudala, njengoba esethathe umhlalaphansi.

OLUNYE UDABA: Alukho ushintsho eZimbabwe - Mujuru

Uhulumeni kaMnangagwa usanda kushicilela umthetho ngezinto okuzohlinzekwa ngazo ababengomengameli bezwe.

Lokhu kuhlanganisa izisebenzi ezizopheka, oweta, izisebenzi zasengadini kanye nonogada, yizindlu ezimbili, yizimoto nokuthi bavakashele amanye amazwe okungenani izikhawu ezine ngonyaka.

UZhuwao ubeyingxenye yalabo ababengasohlangothini lukaGrace Mugabe. 

Umile kwelokuthi uhulumeni kaMnangagwa awukho semthethweni, wathi namadlozi aweneme ngokwenzakalayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...