Ukhala ngezindlebe nebala lengane 'obalekela isondlo'

2017-01-21 11:04

Bulawayo - Indoda yaseBulawayo, uButholezwe Mahlangu, iphike indodana yayo eneminyaka emine ubudala ithi izindlebe zale ngane aazifani nawayo.

Yize kunjalo imiphumela yolibofuzo yamushaqisa uMahlangu.

UMahlangu ubesenkantolo ngemuva kokuba owayengunkosikazi wakhe u-Anita Khumalo efune imali elinganiselwe kwengu- R2 000 yesondlo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe obaba abakweleta imali yesondlo

UMahlangu uphike ukuba ngubaba wale ngane wathi wayesebenzisa ikhondomu ngaso sonke isikhathi uma bezibandakanya ocansini noKhumalo.

Uthe akukwazi ukuthi ingane kube eyakhe njengoba izindlebe zayo zingafani nezakhe futhi nebala lihlukile, lokhu kulalelwe yimantshi yenkantolo uTinashe Tashaya.

Kube sekwenziwa ulibofuzo.

Ngokwemibiko, ngoLwesihlanu uTashaya wakhipha imiphumela emvilophini kwatholakala ukuthi ingane ngekaMahlangu.

"Siyakubongela mnomzane imiphumela ithi ungubaba wengane. Uma ungakholwa ungazifundela nawe.

"Kufanele uyondle ingane ize ihlanganise iminyaka engu-18 ubudala noma ize ikwazi ukuzimela," kusho imantshi.

UMahlangu ubeeseyalelwa ukuba akhiphe imali elinganiselwe kwengu-R1 000 nyesondlo

Yize kunjalo uMahlangu uthi uKhumalo kungenzeka ukuthi wafumbathisa odokotela baseNingizimu Afrika okuyibo abenza ulibofuzo, ngemiphumela 

"ANgiyikholwa ke le! mhlawumbe wafumbathisa odokotela. Angizizwa ngingubaba wale ngane ngoba mina ngimnyama ngebala kanti yona iyakhanya futhi nezindlebe zayo azifani nezayo," kusho uMahlangu.

 - Bulawayo24

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...