Uhulumeni waseSwazini uphika eyokuvalwa kwedivosi

2017-04-20 17:59

Cape Town – Uhulumeni waseSwazini usuyichithile imibiko yabezindaba yokuthi iNkosi Mswati III usekuvalile ukudivosa kuleliya lizwe elibuswa ngokobukhosi.

Okhulumela uhulumeni waseSwazini, uSabelo Dlamini, utshele iSABC ukuthi lolu daba luhlanekezelwe. Uthi iNkosi Mswati III ubezama nje ukugcizelela ukubaluleka komshado.

INkosi “ibimane nje ihlaba ikhwelo esizweni ukuthi sizibandakanye engxoxweni esikhundleni sokukhetha idivosi”, uDlamini ucashunwe esho kanjalo.

OLUNYE UDABA: VIDEO: Usezinikele emaphoyiseni umfundisi osolwa ngawocansi

“Awukho umthetho ovala idivosi eSwaziland, uma ngabe iNkosi ihlangana nabantu, ijwayele ukukhuluma ngezindaba ezithinta izwe lonke, ikakhulukazi ezemindeni, ngenxa yokuqinisa isiko lamaSwazi. Isiko lamaSwazi elinye lalawo masiko elifuna ukuthi imindeni ibumbane,” kuchaza uDlamini.

Lokhu kulandela imibiko yabezindaba ethi iNkosi Mswati III utshele abaholi bezenkolo ngempelasonto yePhasika ukuthi idivosi iphambene nesiko lamaSwazi.

Ngokombiko we-eNCA, ubukhosi bamaSwazi buyalele abaholi bezenkolo ukuthi bazise isizwe ukuthi idivosi iphambene nesiko.

Lo mbiko uthe: “Usebayalele ukuthi bazise izakhamuzi ukuthi angeke kube nokubuyela emuva emshadweni, uma uke waya khona”.

Ngonyaka ka-2013 kwavela imibiko ethi amaLungu ePhalamende awavunyelwe ukudivosa nokuthi labo abahlela ukudivosa batshelwa ukuthi bathi ukuma kancane kuze kube kuphela ihlandla labo ehhovisi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...