Uhulumeni waseLesotho ugxekiwe ngokuvala isiteshi 'esimelene nohulumeni'

2017-09-22 14:00

Maseru – Uhulumeni waseLesotho kuthiwa ususivikele isinqumo sawo sokuvala isiteshi somsakazo ebesingekho ngaphansi kukahulumeni esithathwa njengesimelene nohulumeni.

Ngokusho kombiko we-SABC, uhulumeni uthe isinqumo sawo simayelana nokuthi izwe lisenkingeni njengoba ezokuphepha zibukeka zisengcupheni.

UNgqongqoshe wezokuXhumana, ezeSayensi nobuChwepheshe, uJoang Molapo, uthe uhulumeni awunaso isikhathi sokuvala umlomo abezindaba, kepha unelungelo lokuthatha izinyathelo uma ukuphepha kwezwe kusenkingeni.

OLUNYE UDABA: UNyazi lunesifso sokuthenga isiteshi somsakazo

UMolapo ucashunwe ethi izikhulu zike zakhuluma "ngezinto ezithile" ezizwakala kulo msakazo ezingase ziphazamise ukuphepha kwezwe, zase zixhumana nomhleli omkhulu kulo msakazo iMoafrika FM, uCandy Ramainoane, ukuba azigweme lezo zindaba, ikakhulukazi uma zingelona iqiniso.

"Kungenye into ukuvikela iqiniso, kepha uma umuntu elokhu eqhubeka nokumela into engamanga nenehaba engase idale ukuthi abantu bezwe bakhathazeke, lapho-ke sinalo ilungelo lokwenza into esicabanga ukuthi ifanale," kusho uMolapo.

Inhlangano elwela amalungelo abantu i-Amnesty International ikugxekile lokhu, yathi ukuvalwa kwalesi siteshi kuwumkhankaso oqhubekayo wokusatshiwa nokuphathwa ngesandla sensimbi kwabezindaba.

 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...