Uhulumeni usabisa ngokuvala izikhungo ezinqaba ukuphoqa ukuhlolela i-HIV/Aids

2017-08-20 16:05

Lusaka – UMnyango wezeMpilo eZambia ususabise ngokuvala zonke izikhungo zempilo ezizimele ezinqabayo ukulandela uhlelo lulahulumeni mayelana nokuhlolelwa i-HIV/Aids.

Lokhu kulandela ukuthi uhulumeni ememezele ukuthi kuyimpoqo ukuthi wonke umuntu ahlolelwe lesi sifo.

Ngokusho kombiko kwephephandaba loMbuso, iDaily Mail, lo myalelo usuthukuthelise izinhlangano zamalungelo abantu.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli u-Edgar Lungu ememezele ukuthi uhulumeni usuzokwenza kube yimpoqo ukuhlolela i-HIV/Aids njengengxenye yezinhlelo zawo zokuqeda leli gciwane ngo-20130.

OLUNYE UDABA:

ULungu uthe ukwenziwa kube yimpoqo ukuhlohlela i-HIV/Aids kuwumgomo kahulumeni ongenakuphikiswa.

“Kumele ngikubeke kucace ukuthi kukhona abanye ozakwethu abebekhala ngokuthi lo mgomo uzofinyeza amalungelo abantu kepha akekho onelungelo lokuthatha impilo yomunye.

“Ngokufanayo njengoba singayiceli imvume uma sinihlolela umalaleveva, kanjalo-ke noma sinihlolela i-HIV/Aids uma nitholakala ninalo igciwane kumele  niqale ukudla imishanguzo,” kucashunwa uLungu.

Lo mgomo omusha kahulumeni uyaphambana noweWorld Health Organisation (WHO) ne-Unaids othi umuntu kumele kusuke kuye ukuhlolelwa i-HIV/Aids.

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...