Uhulumeni ufuna bagwetshwe iminyaka eyishumi abahushula izisulu

2017-03-18 12:30

Johannesburg – Iphalamende lase-Angola ngesonto elizayo lizovota ngesiphakamiso sokuba bagwetshwe iminyaka eyishumi bebhadla ejele abesifazane abahushula izisu kanye nabantu ababashusulisayo.

I-Amnesty International kanye neHuman Rights Watch banxusa iziphathimadla ukuba zibavumele kube nombhikisho ngoMgqibelo enhlokodolobha iLuanda, baphikisane nesiphakamiso.

"Sijwayele ukubona amaphoyisa ase-Angola esebenzisa isandla sensimbi kungenasidingo kubantu ababhikisha ngokuthula,” kusho uDeprose Muchena, we-Amnesty International.

OLUNYE UDABA: Owesilisa utholakale namathambo omuntu

Izinhlangano zamalungelo abantu zikhiphe isitatimende ngoLwesihlani zithi amalungu ephalamende afuna ukushintsha umthetho wango-1886.

Umthetho omdala awukubeki ukuthi umuntu kumele ajeziswe kanjani uma ehushule isisu.

Uhulumeni wase-Angola uphakamise ukuba kubengabantu abadlwenguliwe kuphela abavunyelwa ukuhushula izisu noma abesifazane impilo yabo esengozini ngenxa yokugula, kodwa iPhalamede lakuchitha lokho, ngokusho kwezinhlangano zamalungelo abantu

IPhalamende kulindeleke livote ngoMashi 23.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...