Uhlawulisiwe ogence umngani ngembazo kubangwa inkukhu ngoKhisimusi

2016-12-29 11:30

Bulawayo - Ibenenhlanhla yahlawuliswa eNkantolo yeMantshi yaseGuruve indoda yaseRobertson ngokugenva umngani wayo ngembazo ngoKhisimusi kubangwa inkukhu.

UMathew Chitsiga wasepulazini laseRobertson eMashonaland ushaywe ngoswazi oluncane ngesikhathi ehlawuliswa imali elinganiselwe kwengu-R1 400 noma abhadle izinsuku ezingu-30 ejele ngokulimaza umngani wakhe omkhulu kubangwa inkukhu ebizigijimel emgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Ishone ujuqu intombazane egwazelwe ukungaqomi

Kuzwakale ukuthi ngomhlaka-25 Disemba uChitsiga nomngani wakhe abbephuza obhiya ethaveni ngesikhathi bexabana kubangwa inkukhu uChitsiga wavele wathatha imbazo wamgenca umngani.

UChitsiga ukhiphe imali elinganiselwe kwengu-R1 400 yenhlawulo wase exwayiswa ngecala lakhe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...