Ugwetshiwe owokhele intombi ngomlilo kulandela ingxabano

2017-09-24 14:59

Bulawayo - Igwetshwe iminyaka emine ibhadle ejele indoda eneminyaka engu-22 ubudala ngemuva kokumbombothela intombi yayo ngophalafini yaqeda yayokhela ngomlilo.

UTafadzwa Gibson waseCaledonian/Mabvuku ugwetshwe iminyaka engu-6  kodwa walengiselwa iminyaka emibili isikhathi esiyiminyaka emihlanu ngaphansi kombandela wokuziphatha kahle.

UGibson ulivumile icala phambi kweMantshi yenkantolo yaseHarare u-Elijah Makomo.

OLUNYE UDABA:Udubule umkakhe emlenzeni kubangwa imali eduke endlini

Isigameko senzeka ngomhlaka-5 Ephreli ngonyaka ophelile, uGibson waya kubo kwentombi uJarison ngezithuba zabo-19:00.

Ngesikhathi lezi zithandani zihlezi zombili, uGibson wathola uhide lwemiqhafazo kumakhalekhukhwini wakhe eyenza uJarison abuze ukuthi uba lo akhuluma naye.

Lokhu akwehlanga kahle kuGibson kwase kuqubuka ingxabano. UGibson wabe esethatha uphalafijni wathela ngawo intombi yakhe, wabe eseyishisa.

UJarison wahlengwa ngomakhelwane bakhe, waphuthunyiswa esibhedlela iParirenyatwa.



 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...