Ugwetshiwe owathumba ishende likankosikazi

2018-02-04 13:31

Harare – Indoda yaseHarare, eZimbabwe, eneminyaka engu-40 ubudala, ebibhekene necala lokuthumba ishende likankosikazi wayo, igwetshwe amahora angu-420 yenza umsebenzi womphakathi.

U-Innocent Maendesa uliphike kwaze kwaba sekugcineni icala abebekwe lona.

UMaendesa kubikwa ukuthi wahilizisana noSilas Chinaa (Jnr), okusolwa ukuthi ujola nenkosikazi kaMaendesa, uRutendo Myambo, kanti kuthiwa lo mkuba bawuqala ngo-2007.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elosolwa ngokuthengela ‘ishende’ lomyeni inkabi

Yehlisa isigwebo iMantshi uVictoria Mashamba-Kajengo ithe ummangali nguye owachukuluza uMaendesa ngokweshela unkosikazi wakhe.

UMashamba-Kajengo uqhube ngokuthi uMaendesa wazama ukunqanda ukudinwa kwakhe ngoba esikhathini esiningi abantu besilisa bayazibulala uma bethola ukuthi amakhosikazi abo anamashende.

"Ummangalelwa wasukelwa futhi kumele siqaphele ukuthi ngokwejwayelekile into ekanje iphetha ngokuthi kuchitheke igazi,” kusho imantshi.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...