Ugwetshiwe owathumba ishende likankosikazi

2017-12-23 10:22

Hrare – Indoda yaseHarare, eZimbabwe, eneminyaka engu-40 ubudala ebibhekene necala lokuthumba ishende likankosikazi wayo, igwetshwe amahora angu-420 yenza umsebenzi womphakathi.

U-Innocent Maendesa uliphike kwaze kwaba sekugcineni icala abebekwe lona, kubika iBulawayo24.

UMaendesa kubikwa ukuthi wahilizisana noSilas Chinaa (Jnr), okusolwa ukuthi ujola nenkosikazi kaMaendesa, uRutendo Myambo, kanti kuthiwa lo mkhuba bawuqala ngo-2007.

OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngowesifazane oshone evakashele ishende

Yehlisa isigwebo iMantshi uVictoria Mashamba-Kajengo uthe ummangali nguye owachukuluza uMaendesa ngokweshela unkosikazi wakhe ekubeni emazi ukuthi uganile.

UMashamba-Kajengo uqhube ngokuthi uMaendesa wazama ukunqanda ukudinwa kwakhe ngoba esikhathini esiningi abantu besilisa bayazibulala uma bethola ukuthi amakhosikazi abo anamashende.

"Ummangalelwa wasukelwa futhi kumele siqaphele ukuthi ngokwejwayelekile into ekanje iphela ngokuthi kuchitheke igazi,” kusho imantshi.

Kuthiwa uMaendesa wathukuthela wagana unwabu ngesikhathi ezwa ukuthi umkakhe usajola noChinaa wase eyamthumba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...