Ugwetshiwe owadlwengula wathelela umshana nge-HIV

2017-04-02 17:41

Victoria Falls – Owesilisa,25, waseZimbabwe kubikwa ukuthi ugwetshwe iminyaka engu-16 ebhadla ejele ngokuthelela umshana wakhe,12, nge-HIV.  

Ngokombiko weNewsDay, lo mdlwenguli olahlwe yicala waphinde wahlukumeza udadewabo omncane wesisulu, oneminyaka engu-9 ubudala.

Owesilisa, elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela izingane, ugwetshwe iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula.

OLUNYE UDABAIBoko Haram ithumbe amantombazane angu-22

Iminyaka emithathu ulengiselwe yona iminyaka emine ngombandela wokuba aziphathe kahle.

Uphinde walahlwa yicala lokuhlukumeza, wagwetshwa izinyanga ezingu-12.

Umshushisi uBheki Tshabalala uthe uthe umsolwa wenza lawa macala ngoJanuwari ngonyaka odlule, ngokombiko weNew Zimbabwe.com.

UTshabalala uthi umshana waye hlanza igumbi lokulala likanina ngesikhathi umalume emdlwengula.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...