Ugwetshiwe owabhunyela umakhwapheni womyeni ngamafutha abilayo

2016-12-17 17:05

Harare – Owesifazane waseMzilikazi, eBulawayo, eZimbabwe, ugwetshwe amahora angu-210 esebenzela umphakathi kulandela ukubhunyela imbangi yakhe ngamafutha abilayo ebusweni.

Kuthiwa lokhu wakwenza ngemuva kokuthola lo wesifazane esembhedeni nomyeni wakhe.

UPamela Dube, 22, ulivumile icala lokushaya ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseBulawayo, kubika iBulawayo24.

IMantshi uGladmore Mushove ibe isimlahla ngecala wase eyagwetshwa.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ogilwe umakhwapheni wakhe

 Inkantolo itshelwe ukuthi ngomhlaka-20 Juni nonyaka, ngabo-03:00, waya emzini othile wafica umyeni wakhe elele nalo wesifazane onguFeluna Mahlobo, 37. 

Ngemuva kokubabona, wahamba isikhashana wabe esebuya namafutha abilayo wabhunyela ngawo uMahlobo.

UMahlobo walimala kabi ebusweni nasentanyeni, kwavulwa icala zase ziyamkhalela uDube.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...