Ugwetshiwe owabhaxabula ingane eyibophele esihlahleni

2017-02-13 14:30

Bulawayo – Owesilisa waseZimbabwe, 40, ugwetshwe izinyaga ezingu-36 ebhadla ejele ngokubophela esihlahleni indodana, 5, angayizali wayilimaza kabi eyishaya ngenduku, ngokusho kombiko.

Ngokombiko weSunday News, ubufakazi obubekwe phambi kwenkantolo buveze ukuthi umfana waboshelwa esihlahleni washaywa kabuhlungu, walimala kabi umzimba wonke.

Yehlisa isigwebo, iMantshi uJoseph Mabeza, ithe ingane ilandise inkantolo ngokwenzeka, yachaza nokuthi okwenziwa yile ndoda kwakungaphezu kwesijeziso somzali.

Le ndoda, igama layo eligodliwe, ibhekene nelinye futhi icala lokudlwengula indodakazi yayo enonyaka ubudala.

OLUNYE UDABA: Akakatholakali obulale umkakhe kubangwa imali

Ngokombiko wephephandaba iChronicle, unkosikazi wale ndoda utshele inkantolo ukuthi wazishiya nomyeni wakhe izingane ezintathu ngemuva kokuba emsabise ngokumnquma ikhanda.

Wathatha isinqumo sokungabuyeli ekhaya ngenxa yokuhlukumezeka.

Imiphumela yokuhlolwa kwengane esibhedlela iveza ukuthi ingane yayidlwengulwe emahoreni angu-72 ngaphambi kokuba iyohlolwa.

Inkantolo ithe kodwa kusadingeka obunye ubukafazi obuzokhomba ukuthi ubani owayidlwengula le ngane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...