Ugwetshiwe owabhaxabula i-ex ngoba inqabe ukuthi benze ucansi

2017-10-06 19:30

Bulawayo - Izifake enkingeni indoda yaseZvishavane, uFreedom Gavumende, 32, ngesikhathi ithela induku owayeyintombi ngoba enqabe ukuzibandakanya nayo ocansini.

UFungai Mundavana unqabile ukuzibandakanya noGavumende ocansini njengoba sebengasathandani.

Yize kunjalo, le ndoda ibikholelwa ekutheni noma ngabe sebehlukene basangazitika ngocansi njengoba babehlezi benza.

UMundavana wabikela amaphoyisa ngodaba, uGavumende waboshwa.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ubhaxabule unkosikazi ngokukhulelwa kwendodakazi

Le ndoda ivele eNkantolo yeMantshi yaseZvishavane ngecala lokushaya elivumile phambi kweMantshi uShepherd Mjanja.

Kubikwa ukuthi ngomhlaka-29 Agasti ngezithuba zabo-02:00, ummangali wamangala engqongqozelwa wumsolwa.

Ngemuva kokumvulela, umsolwa wacela ukuba benze inkonzo yasekamelweni, esho nokuthi uyazi ukuthi sebehlukene, kodwa bengakwazi ukwenza ucansi.

Ngesikhathi umsolwa esebona ukuthi ummangali akafuni, wamushaya ngezibhakela.

UMundavana wavuvukala emqaleni, lokhu kungokombiko kadokotela obesenkantolo.

UGavumende wagwetshwa izinyanga eziyishumi ejele, kodwa walengiselwa ezine ngaphansi kombandela wokuziphatha kahle, lezi ezinye izinyanga eziyisithupha uzokwenza umsebenzi womphakathi amahora angu-210. 

 - Bulawayo24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...