Ugwetshiwe olahlwe elokudlwengula 'intombi yakhe'

2016-02-27 11:02

Accra - Owesilisa waseBreman Brakwa, eGhana, ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele enza umsebenzi onzima ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14 ubudala.

Ngokusho kweGhana News Agency, u-Elijah Amoaning, 18, ulivumile icala lakhe wase eyagwetshwa.

Umama wesisulu, u-Abena Afauh, nguye owavulela u-Amoaning icala.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owazama ukudlwengula udadewabo

Kuthiwa wake wathola ngaphambilini ukuthi ummangalelwa uthandana nengane yakhe futhi bazibandakanya ocansini.

Kuthiwa wabe esexwayisa lo wesilisa ukuthi akahlukane nengane yakhe, kungenjalo uzombophisa.

U-Amoaning kuthiwa wamshaya indiva umama waqhubeka nokuthandana nale ngane, wase evulelwa icala.

Umama uthi u-Amoaning wafensa ingane yakhe, nayo yayengeka, umama wase eshayela amaphoyisa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...