Ugwetshiwe obenza abasizi basendlini izigqila

2018-01-27 13:27

Lagos -  Owesifazane waseNigeria uzobhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala ngokwenza abasizi bakhe basendlini izigqila.

Ngokusho kweDaily Post, uGift Nonye Ukatu ugwetshwe ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu yaseLagos, iminyaka engu-13 ejela ngokuphatha ngesihluku amantombazane amabili abemsebenzela kwakhe.

Womabili la mantombazane aneminyaka engu-12 ubudala.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe izingane ngokubulala uyise ngoba ethathe isithembu

Imininingwane yokuthi ubewahlukumeza ngayiphi indlela ayibikweanga, kodwa ubanjwe ngabantu abebebuka indlela abephetha ngayo la mantombazane ewancisha nenkululeko.

Ukatu wathweswa icala ngoDisemba 2015 ngaphansi kweProhibition of Trafficking in Person.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...