UGrace Mugabe uthi uyena owancenga umyeni wakhe ukuba aphume esikhundleni

2018-03-18 17:37

Harare – UGrace Mugabe uthi uyena owancenga umyeni wakhe ukuba ehle esikhundleni ngemuva kokuba amasosha ethathe izintambo ngoba yena wayengazimisele ngokwehla, umbiko.

UGrace Mugabe ukusho lokhu esithangamini sabezindaba ebesihlelwe umyeni wakhe emzini wabo oseHarare ngeledlule.

"UBaba wayengafuni ukusayina, empeleni yimina owamncenga ukuba esule ukuze kube nokuthula ngoba yena wayengafuni,” kusho uGrace Mugabe, ngokubika kweNewsDay. 

UMugabe ukuqinisekisile naye ukuthi umkakhe wabanesandla ekutheni esule.

OLUNYE UDABA: UMugabe uthi uMengameli omusha akekho semthethweni

“Ngangingafuni ukwehla esikhundleni ngoba ngangikholelwa ukuthi akulandelwanga imigulu efanele, akulandelwanga uMthethosisekelo,” kusho uMugabe, 94.

Uthi wayezimisele ngokukhishwa yiPhalamende kodwa umkakhe wamncenga.

UMugabe kulesi sithangami utshele izintatheli ukuthi waketulwa ngamasosha, futhi uMengameli Emmerson Mnangagwa akabekwanga ngokusemthethweni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...