'UGrace Mugabe akeqeqeshekile ngokuziphatha nangokuba wumama oqotho'

2017-11-20 11:00

Harare – Iqembu elibusayo eZimbabwe eZanu-PF ligxeka unkosikazi kamengameli uGrace Mugabe ngokuthi ungowesimame ongaqeqeshekile ngendlela futhi ungenalo uzwele lokuba wumama.

Lokhu bakusho kulandela indlela aziphatha ngayo nakhuluma ngayo uma kunemibuthano yeqembu.

Ngokwephephandaba elingaphansi koMbuso iHerald, intsha yaleli qembu iyona ekhale kakhulu ngoGrace ngeSonto lapho benze isiphakamiso sokuba akaxoshwe kuleli qembu futhi baphakamisa nokuthi uMengameli uRobert Mugabe ehle esikhundleni sakhe.

OLUNYE UDABA: Bangase bashushiswe abasondelene noGrace Mugabe

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe esithangamini sabezindaba, uSomlomo wetsha uCde Yeukai Simbanegavi uthe: "Umbutho wentsha i-Zanu-PF Youth League uyahambisana nemigomo yama-Afrikana yokuba nobuntu. Sikhuliswe ngendlela yokuthi kumele sibahloniphe abantu abadala, ikakhulukazi labo abalwela inkululeko.

"Kodwa-ke intsha yalo mbutho izothola ingaphansi kwengcindezi yalabo abafuna ukugwegwisa izinto bayidide nentsha.”

Isigungu esiphezulu ku-Zanu-PF simemezele ukuthi siyamkhipha uGrace esikhundleni sokuba wumholi wophiko lwabesifazane kuleli qembu.

Konke lokhu kuza ngemuva kokuba amasosha eshaqe izintambo zoMbuso ezweni ngoLwesithathu olwedlule azwakalisa nokuthi uMugabe kumele ashenxe njengomholi wezwe.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...