Ugqeme unkosikazi ngesigqulo emsola ngokuqoma

2017-01-29 11:04

Harare – Sekuvele umbiko othi owesilisa waseZimbabwe ubulale unkosikazi wakhe kulandela ukumsola ukuthi uqomile, kusho umbiko ngoMgqibelo.

Ngokusho kwephephandaba iNew Zimbabwe, uNingisai Wakaoneni, 55, waseKutseya Village, kusolakala ukuthi ubulale unkosikazi wakhe u-Enia Maronga, 41, kulandela ingxabano.

Okhulumela amaphoyisa u-Inspector Tavhiringwa Kakohwa uthe bese kunesikhathi eside la bashadikazi benezinkinga emshadweni wabo.

OLUNYE UDABA: Onesikhwele ubulale unkosikazi wakhe

UKakohwa ucashunwe ethi uWakaoneni wabizela umkakhe ekhishini ukuze bezokhuluma ngezinkinga zabo.

Nokho kwaqubuka ingxabano, umsolwa wangena umufi ngamaqupha ngaphambi kokumgqema ngesigqulo.

UMaronga uphuthunyiswe esibhedlela elimele kabi ekhanda, ngebhadi wahlonzwa njengoshonile efika.

Kwesinye isigameko ngonyaka owedlule owesilisa wakhona eZimbabwe wabulala umkakhe uTumelo Ncube ngembazo phambi kukamfowabo osemncane ngokweminyaka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...