Ugcwele amathafa obulale isoka lenkosikazi

2016-08-31 19:00

Lilongwe - Indoda yaseNkhataby ngeSonto igence yabulala isoka lenkosikazi yayo ephingayo ngemuva kokuba emfice emzini walezi zithandani.

Owamaphoyisa aseNkhatabay u-Ignatius Esau uthe isigameko senzeke eKande kanti uthe igama lomufi nguSimon Saka kanti umsolwa nguJulius Phiri, 37.

OLUNYE UDABA: Isikhulu sebelwe isikhwama sasala dengwane

Ingqikithi yodaba uthi umsolwa uPhiri unamakhosikazi amabili kanti kunemibiko ebizungeza eKande ithi uSaka uthandana nonkosikazi kaPhiri wesibili.

Ngomhlaka-28 Agasti 2016 umsolwa wangena emzini kankosikazi wakhe wesibili ngethemba lokubabamba. 

"Ngezithuba zabo-22:00 wangena emzini kankosikazi wakhe lapho afica unkosikazi wakhe noSaka ekamelweni," kusho u-Esau.

Umsolwa osagcwele amathafa wabe esegenca uSaka ekhanda ngocelemba, uSaka wawa phansi.

USaka waphuthunyiswa esibhedlela iChinttheche Rural Health Center la ahlonzwa njengoshonileyo khona.

Isidumbu sahlolwa kwatholakala ukuthi wophe kakhulu ngenhla yokulimala kabi.

Umufi udabuka eKaswaya village eNkhotakota district kanti umsolwa ngowaseKasoka village, eNkhatabay, kubika iMalawi24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...