Ufunwa ngamacala okukhwabanisa eKenya owayengungqongqoshe

2018-01-09 12:30

Nairobi – Lowo owayenguNgqongqoshe wezeMfundo eZimbabwe, uJonathan Moyo, kubikwa ukuthi usafunwa yiziphathimandla zaseKenya ngezinsolo zokukhwabanisa imali engu-$6m kuleliya lizwe ngonyaka ka-2000.

Ngokombiko wephephandaba loMbuso iHerald, aligezwanga igama likaMoyo ngalezi zinsolo ezavela esangumqondisi wohlelo lwaseMelika lokusiza abantu, iFord Foundation.

Abezindaba eKenya bathi imali kwakumele inikezwe inhlangano ezimele yaseNairobi, iSeries on Alternative Research in East Africa Trust, eyasungulwa uMutahi Ngunyi.

"Ukucwaningwa kwamabhungu okwenziwa ngonyaka ka-2000 kwaveza ukuthi uMnu Moyo wasebenzisa imali ezintweni ezingaqondakali.

OLUNYE UDABA: Ushone engozini yomgwaqo owayehhahhameza umka Mugabe

“Isikhulu samaphoyisa esingafunanga ukudalulwa, sithe uMoyo wabaleka kuleliya lizwe ngaphambi kokuba icala liphothulwe, ngakho usangumuntu ofunakalayo namanje eKenya,” kubika iphephandaba iDaily Nation.

Umbiko uphinde wacaphuna okhulumela uhulumeni, u-Eric Kiraithe, okuphikile ukuthi uMoyo useKenya njengokusho kwemibiko yabezindaba eZimbabwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...