Udubule umkakhe emlenzeni kubangwa imali eduke endlini

2017-09-17 13:33

Harare – Owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala waseGokwe, eZimbabwe, welulamela ekhaya ngemuva kwezinsolo ezithi udutshulwe ngumyeni wakhe kulandela ukungaboni ngasolinye ngokulahleka kuka-$600.

UJoyce Ngwenya waseMudundu Village, ngaphansi kwenkosi uNemangwe, uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kwezinsolo zokuthi udutshulwe ngumyeni wakhe obecasukile, uTapiwa Manyoka, ngoLwesithathu olwedlule.

Ngokusho kombiko wokhulumela amaphoyisa u-Assistant Inspector Ethel Mukwende uthe kusamele bathole umbiko ogcwele ngalesi sigameko emaphoyiseni aseGokwe, kubika iBulawayo24.

OLUNYE UDABA: Udubule umkakhe ezinqeni ngoba encishwa ucansi

Inkosi uNemangwe uthe ingxabano eholele ekutheni kudutshulwe uNgwenya isuke ngesikhathi kulahleka imali ebibekwa yilezi zithandani emzini wazo.

“Ngokombiko enginawo lezi zithandani bezino-$1 200 ebeziwubeke emzini wazi ngesikhathi unkosikazi ethola ukuthi ingxenye yale mali ayisekho. Kuthiwa laba banebhizinisi abaliqhuba ndawonye,” kusho uNemangwe.

Uthe ngosuku lwesigameko, unkosikazi ubuze umyeni wakhe ngokulahleka kuka-$600, base beyaxabana.

Uthe unkosikazi usabise ngokuwushiya lo mshado uma le mali ingaqhamuki, umsolwa wabe esehosha isibhamu wadubula unkosikazi wakhe emlenzeni.

Kube sekubikelwa amaphoyisa, umsolwa zamkhalela kanjalo, esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...