Ucishe washumpuka 'induku' ozame ukuzisoka ngocelemba

2017-01-14 11:02

Bulawayo – Umfana oneminyaka engu-6 ubudala uzame ukuzisoka ngocelemba ngemuva kokuba abangani bakhe behlekise ngaye bethi ngeke ayithole intombi, kubika iphephandaba ngoLwesihlanu.

Umfana uphuthunyiswe esibhedlela eLupane ngemuva kokuzisika.

Njengamanje welulamela ekhaya ngemuva kokuba odokotela bekwazile ukumsoka ngempumelelo, kubika i-Chronicle.

OLUNYE UDABA: Kubulawe ngesihluku onebala

"Kubukeka sengathi abanye abafana bebemhleka ngoba engasokile, wabe esesebenzisa ucelemba ukuzisika ethi uyasoka kanti uzolimala,” kusho umqondisi wezempilo uNyasha Masuka etshela iphephendaba.

Kuthiwa umfana uhlala endaweni okuvame ukufika kuyona odokotela bezosaka abafana kodwa akwaziwa ukuthi kungani engasebenzisanga lelo thuba.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...