Uchithe ubusuku besibili esitokisini umfundisi owaboshwa

2017-09-26 12:31

Harare – Umfundisi waseZimbabwe u-Evan Mawarire uchithe ubusuku besibili esitokisi samaphoyisa ngoMsombuluko, elinde ukuba avele eNkantolo kaMantshi eHarare ngamacala okuzama ukuqumba phansi uMbuso.

UMawarire waboshwa ngeSonto, ngemuva kosuku enxuse abantu baseZimbabwe ukuba bathathe isinyathelo ukunqanda isimo somnotho wezwe esingesihle.

Ukhulume ngendlela abantu abathenga ngayo benovalo eHarare, nangokugcwala emagaraji kaphethiloli, okuyizinkomba zokuthi kungase kuphele izinto ezibalulekile kuleliya lizwe.

NgoMsombuluko uliphikile icala enkantolo yaseHarare kuqalwa ukuthethwa kwecala.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owokhele intyombi ngomlilo kunengxabano

Amanye amacala amayelana nemibhikisho ayihlela yokuphikisana nohulumeni ngonyaka odlule.

Abameli bamalungelo abantu eZimbabwe bathi abashushisi banofakazi abangu-8 abazokhuluma ngomsolwa.

NgoMsombuluko uMengameli Robert Mugabe uvumile ukuthi ukushoda kwezinto ezithize ezibalulekile ezweni kungenzeka ukuba yikhona okwenze abantu bafuna ukuvukela uhulumeni ngesikhathi yena engekho, kubika i-Chronicle

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...