Ucela usizo owesifazane onendodana 'ephenduka inyoka enkulu'

2017-04-06 14:01

Bulawayo - Isimanga umfana oneminyaka engu-13 ubudala wase-Epworth, eZimbabwe, onomkhuba wokuphenduka inyoka enkulu ngokusho kukamama wakhe, kubika iKwayedza.

Kusolwa ukuthi lo mfana kwesinye isikhathi ubuye akhulumise okwesalukazi kanti kwesinye isikhathi uvele anyamalale kanti futhi uyakwazi nokungena iminyango ivaliwe.

Umama walo mfana uNonsikelelo Sibanda, 31, usola ukuthi indodana yakhe iphinde ishintshe umlomo nekhanda layo kube ngelenhlwathi.

OLUNYE UDABA: Umama nendodana bazitika ngocansi ukuze bagcine umcebo

"Indodana yami ibuye ishintshe ikhanda nomlomo wayo kube ngelenhlwathi angazi lutho ngokuqhubekayo kanti noyise selokhu aya eNingizimu Afrika akekho omaziyo ukuthi ukuphi," usho kanje ecashunwa yileli phephandaba.

Lo mama uthi usevakashele inqwaba yabaphrofethi nezinyanga kodwa lutho ukusizakala, njengamanje ucela usizo kunoma ngubani kanti uyatholakala ku-0775 450 154.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...