Ucasuke wafuna ukuqhumisa ibhomu ngoba kuchitheke ubhiya wakhe

2016-09-23 18:00

Harare – Isosha ebelingekho emsebenzini kuthiwa livuke indlobane lazama ukuqhumisa ngembhomu isitolo ngemuva kokuthi kwenzeke iphutha kwachitheka ubhiya walo, eZimbabwe.

Kukholakala ukuthi u-Admire Mangeya ubeke ibhomu ngasesicabheni salesi sitolo okuthengwa kuphuzelwe kuso, wathi aekho ozophuma.

Yize noma ubhiya wakhe ochithekile usukhokhiwe, uMangeya ubengasezwa mshini.

OLUNYE UDABA: Umshayeli ucasuke washaya amaphoyisa

Iphephandaba iThe Chronicle libike ukuthi uMangeya uhluleke wancama ukuqhumisa leli bhomu kulesi sitolo esikwaBulawayo.

Akucaci ukuthi uMangeya uzithole kuphi lezi ziqhumane eziyingozi.

Abasebenza ngamabhomu bathi ukube leli bhomu liqhumile, belizoyicekela phansi yonke inxanxathela yezitolo okwakhiwe kuyo le ndawo yobumnandi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...