Ubuyele emsebenzini udokotela owahlinza isiguli okungesona

2018-03-09 12:30

"Leli bhodi ngeke lisazibandakanya ekuqondisweni kwezigwegwe kwalabo abathintekayo njengoba uphenyo seludluliselwa ku-KMPDB," kusho uMark Bor, onguSihlalo webhodi le-KNH.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba uSihlalo weMedical Board uProf George Magoha "ephakamise ukuba babuyele emsebenzini labo abasolwayo kuze kuqedwe uphenyo."

OLUNYE UDABA: BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

Umbiko uthi mabili amadoda aphuthunyiswe esibhedlela - enye yawo kwakumele ihlinzwe ukuze ikhishwe ihluli legazi ebuchosheni kanti le enye "yayidinga usizo lwezempilo njengoba yayivuvukele ekhanda".

Yilapho-ke okwaba khona isixakaxaka njengoba izigqebhezane ezichaza ngokugula kweziguli zaphambana, kwaholela ekutheni kuhlinzwe indoda okungeyona.

Odokotela babona ukuthi benze iphutha sekuphele amahora ambalwa bewuqalile umsebenzi ngesikhathi sekubacacela ukuthi "akukho hluli ebuchosheni bale ndoda ehlinziwe".

Isibhedlela sakhipha isitatimende sokuxolisa ngalokhu okwenzeka futhi saqinisekisa "ukuphepha nokuhlenga impilo yesiguli esithintekayo" sananela ngokuthi umisiwe emsebenzini udokotela kulesi sigameko.

Kepha ngokusho kombiko weThe Star, ozakwabo balo dokotela babengahambisani nokumiswa kwakhe, njengoba babekhala ngokuthi onesi okuyibo abalungisa isiguli yibo okumele babekwe icala ngokuphambanisa izigqebhezane zazo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...