Ubulale umkakhe ngembazo, wase eyazilengisa, ngoba emsola ngokuqoma

2016-09-10 18:29

Bulawayo – Owesilisa, 30, udumele imbazo washaya ngayo umkakhe washona wase ethatha intambo eyazikhunga ngoba emsola ngokuqoma nangokufuna ukumdlisa ushevu.

USambulo Ndlovu, 30, waseZimbabwe uzilengisile ngemuva kokubulala unkosikazi wakhe uNester Ndlovu, 26.

Lesi sigameko senzeke ezintatha ngoLwesine, kubika iThe Chronicle.

Omakhelwane bathi uSambulo ubebangwa nezibi kulandela ukutholakala ukuthi unesifo sofuba ngemuva kokubuya eNingizimu Afrika ngenyanga eyedlule.

OLUNYE UDABA: Ubulale umkakhe ngoba embize ‘ngomfana ongasokiwe’

Kuthiwa uSambulo bekungathi unamadimoni ngesikhathi evuka eba ngumqemane wase ehlasela umkakhe ngembazo.

“Indodana yami ibisola umolokazana ngokufuna ukuyidlisa ushevu. Ngizwe isililo, ngafika eseshonile umakoti,” kusho ubaba kaSambulo, uThomas Mpofu.

Okhulumela amaphoyisa aseMatabeleland, u-Assistant Inspector Eglon Nkala, usiqinisekisile lesi sigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 13-23°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...