'Ubulale' intombi eyisola ngokumthelela ngesifo socansi

2016-03-12 14:03

Owa-Alero – Owesilisa wase-Owa-Alero, eNigeria, usolwa ngokubulalela intombi yakhe egumbini lasehhotela eyisola ngokumsulela ngesifo socansi, isipatsholo (gonorrhoea).

Ngokusho kombiko wePunch, u-Ekanem Ikot, 31, ube esedla phansi ngemuva kwalesi sigameko sangoMsombuluko.

Isidumbu sika-Edith Owei, 27, sitholakale sidindilize phansi.

OLUNYE UDABA: Ubulale intombi ememeze igama le- 'ex' benza ucansi

Abazithamundayo bathi lezi zithandani bese kuzophela izinyanga eziyisithupha zithandana.

Imibiko engaqinisekiswanga ithi u-Ikot ubulale intombi yakhe ngemuva kokubona izimpawu zalesi sifo ngemuva kokwenza ucansi nayo.

Amaphoyisa athi abengakatshelwa ngalesi sigameko ngakho ngeke akwazi ukuphawula.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...