Uboshiwe unesi ovume elokuthi wadlwengula, wakhulelisa isiguli

2017-08-02 07:01

Kampala – Umsizi kanesi wase-Uganda usolwa ngokugxisha izidakamizwa isiguli ngaphambi kokusidlwengula sase siyakhulelwa, kusho umbiko.

Ngokusho kombiko weDaily Monitor, uSamuel Tumukuratire, 29, ulivumile icala lokudlwengula isiguli sakhe esibhedlela iNajeera, enyakatho neKampala, esebenzisa izidakamizwa.

Lo nesi uyasoleka kwezinye izigameko eziningi ezifuze lesi.

Kuthiwa wayephoqa iziguli kuqala ukuba zihlolele isandulela ngculazi ngaphambi kokuzidaka imizwa bese eyazidlwengula.

Esigamekweni sokudlwengulwa kowesifazane okunguyena owamvulela icala kuze kube uyaboshwa, kuthiwa lo wesifazane waqala ukusola ukuthi kungenzeka ukuthi udlwenguliwe ngemuva kwezinyanga ezintathu ekade elaliswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Unesi utholakale 'ezitika ngesiguli'

Kuthiwa washaqeka esethola ukuthi ukhulelwe ekubeni umyeni wakhe usebenza phesheya kwezilwandle futhi ubengakaze azibandakanye ocansini esikhathini esingangonyaka.

UTumukuratire kuthiwa waphekwa amaphoyisa ngemibuzo wagcina evumile ukuthi wajova lo wesifazane ngomjovo wokulala wase eyamdlwengula.

Ubengakasho ukuthi uyawavuma noma uyawaphika yini lawa amanye amacala asolwa ngawo, kanti kulindeleke ukuba alalelwe enkantolo ngomhlaka-18 Agasti.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...