Uboshiwe umalugaju wacelemba

2017-10-07 14:31

Johannesburg - Useze waboshwa uStanford Ntini oneminyaka engu-27 ubudala osekhathazile emphakathi, ngezinsolo zokudlwengula abantu besifazane abangu-30 eParker Village 2.

UNtini usewuhluphile umphakathi waseSilobela ngocelemba wakhe, edlwengula ephinde eshaya nezakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa u-Inspector Ethel Mukwende uqinisekise icala kodwa akazange ayidalule eminye imininingwane njengoba ebengekho ehhovisi.

OLUNYE UDABA:Kumbiwe isidumbu sowangcwatshwa nendathane yemali yokugwazela uNkulunkulu

"Ngingakuqinisekisa ukuboshwa kwaNtini kodwa anginayo imininingwane egcwele, angingekho ehhovisi," kusho uMukwende.

Khonamanjalo, umphakathi ugcwale esiteshini samaphoyisa aseKwekwe eyoqinisekisa ukuthi uNtini uboshiwe izoolo.

"Siqashe ikhumbi saya esiteshini samaphoyisa siyozibonela ngawethu ukuthi uboshiwe yini lo mgulukudu.

"Usewabaleke isikhathi eside amaphoyisa, siyathemba ukuthi uzobhekana nengalo yomthetho ngoba akumfanele ukuhlala emphakathini," kusho uGift Nkomo.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...