Uboshiwe oqhubeke nokuhamba kwehliswa ifulegi eZim

2017-03-16 12:30

Harare – Nasi isexwayiso uma ungase uvakashele ezweni iZimbabwe: ungalinge unyakaze kusehliswa ifulegi lesizwe ngoba ungase uboshwe.

Lokhu kuzwakala njengenganekwane kodwa kwenzeke kowesilisa waseZimbabwe oneminyaka engu-25 ubudala ongazange ame azothe ngesikhathi kwehliswa ifulegi eKariba Border Post ngeledlule, ngokusho kwabameli benhlangano yamlungelo abantu.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kungubuzana izimoto ePinetown

Amaphoyisa athi kuthiwa uCourage Mushunje ngoLwesibili “ukhombise ukudelela nokungalihloniphi ifulegu lesizwe ngesikhathi lehliswa eKariba Border Post", kusho abameli esitatimendeni.

Uhulumeni kaMugabe uyaqhubeka nokuqinisa isandla kubantu abangalihloniphi ifulegi laseZimbabwe kulandela ukusungulwa komkhankaso i-#ThisFlag nguPastor Evan Mawarire ngonyaka odlule.

Ngesikhathi etshelwa ukuba akame azothe, uMushunje kuthiwa utshele abezokuphepha ukuthi abangamkhathazi yena ngefulegi okungelona elakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...