Ubonga isihlahla osinde kunezikhukhula

2017-03-13 07:32

Masvingo – Owesifazane waseZimbabwe, uNyaradzo Makholiso, 38, usindiswe ukubambelela esihlahleni amahora ayisithupha ebelethe usana olunezinyanga ezimbili izelwe, ngesikhathi kunezikhukhula, ngokusho kombiko.

Izikhukhula zidalwe yizimvula ezibekhona ngesikhathi kulandela ukudlulwa kweshingishane uDineo esihlasele izingxenye zaseZimbabwe emasontweni amabili edlule.

Ngokombiko weThe Standard, imindeni yaseMasvingo's Chivi isale ithuthumela ngenxa yezikhukhula ngemuva kokuba eminye yemifula endaweni igcwale yaphuphuma, kwadaleka umonakalo.

UMakholiso noMaud Goredema,65, baseNzviyo village bebebukeka kungekho abangakwenza ngesikhathi izindlu zabo zimuka nezikhukhula.

OLUNYE UDABA: Uwavumile awokubulala intombi, wayodlwengula isifile

Echaza ngesigameko, uMakholiso, uthe usale engenakhaya futhi engenazo nezinto zokugqoka – ngaphandle kwabezigqokile.

Umfuyo nayo imike namanzi.

"Ngibona isihlahla njengoba ngisaphila. Ukuba besingekho isihlahla, ngabe ngifile…,” kusho uMakholiso, ebuka isihlahla, kwehla izinyembezi.

Imibiko ngesonto eledlule iveze ukuthi bangu-246 abantu asebebulawe yizikhukhula kuleliya lizwe, balinganiselwa kwabangu-2 000 abasale bengenamakhaya kusukela ngoDisemba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...