Ubhunyelwe ngamafutha abilayo obebanga umsindo ngomsakazo

2017-03-19 17:31

Bulawayo - Ingeniswe esibhedlela indoda eneminyaka engu-32 ubudala yaseChitungwiza, uLewis Dzvimbo, ngemuva kokubhunyelwa inkosikazi yayo ngamafutha abilayo.

NgokweBulawayo24 inkosikazi yale ndoda ibicasulwe wumsindo womsakazo wayo.

Umbiko wodokotela uveza ukuthi uDzvimbo ushe amaphesenti angu-15 emzimbeni.

UStabile Mwazha, 31, wase-17221 Zengeza 4 ulivumile icala lokuhlukumeza umyeni wakhe enkantolo yemamntshi yaseChitungwiza.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabhunyela umakhwapheni womyeni ngamafutha abilayo

Imantshi uYeukai Chigodora igwebe uMwazha unyaka owodwa esibhedlela, walengiselwa izinyanga ezingu-6 ngaphansi kombandela wokungaphinde atholakale necala elifana naleli iminyaka emihlanu.

Izinyanga ezinye eziyisithuba zona zibekwe ecaleni ngaphansi kombandela wokwenza umsebenzi womphakathi amahora angu-315 esikoleni sendawo.

Ngokusho kwemibiko ngomhlaka-12 Febhuwari 2017 emzini ose-17221 Zengeza 4 eChitungwiza  ngezithuba zabo-21:00, uDzvimbo wabuya ekhaya ephuma emsebenzini wangakhuluma lutho nomkakhe njengoba besekuphele izinsuku ezintathu bengakhulumisani.

"UDzvimbo wavulela phezulu umsakazo wakhe ebe echarger iselula yakhe.

"Inkosikazi yakhe yavuka yakhononda ngomsindo womsakazo yase iwucisha.

"UDzvimbo, wawuvula umsakazo, uMwazha wasukuma embhedeni waqonda ekhishini wathatha amafutha abilayo wayobhunyela ngawo umyeni wakhe.

"Umyeni wakhe washa emhlane, emqaleni nasemilenzeni," lokhu kulalelwe enkantolo.

 - Bualwayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...