Ubangwa nezibi uTsvangirai - Umbiko

2018-02-06 12:29

Cape Town – Umholi weqemu eliphikisayo eZimbabwe uMorgan Tsvangirai kubikwa ukuthi "ubambekile" esibhedlela esiseNingizimu Afrika kulandela ukuthi isimo sakhe sishintshe sasibi ngoMsombuluko.

Umbiko weReuters ucaphune umthombo ongaphakathi kwiMovement for Democratic Change (MDC) ngoLwesibili uthi uTsvangirai ubangwa nezibi, unanela ngokuthi abalandeli bakhe "abalindele noma yini".

UTsvangirai, owake waba ngundunankulu, wamemezela ngo-2016 ukuthi unomdlavuza wamathumbu kanti useqale i-chemotherapy.

Ubelokhu engena ephuma ezibhedlela kusukela kwatholakala ukuthi unalesi sifo. Ubuyele esibhedlela esiseGoli ukuzothola usizo lwezempilo ngasekuqaleni kukaJanuwari.

OLUNYE UDABA: UTsvangirai usebuyele kuleli ukuzothola usizo lwezempilo

Umbiko weDaily News ngoLwesibili ucaphune ilungu lomndeni lithi uTsvangirai uhlaselwe "wukukhathala okweqile, ukwehla emzimbeni kanye nokuncipha kwemisipha".

"Ukudla akusangeni njengoba sekunzima ukuhlafuna nokugwinya...ngoMsombuluko ubesephefumulela phansi, kwesinye isikhathi kube sengathi uncisheka umoya,"' kusho lo mbiko.

Imibiko yangenyanga eyedlule yaveza ukuthi isimo sikaTsvangirai sibi kakhulu, njengoba iNewsDay yabika ukuthi odokotela bamtshela ukuthi "usesalelwe yizinyanga ezintathu kuphela ephila".

Nokho uTsvangirai wathi leyo mibiko ingamampunge.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...