Ubalekele eChina obeyiphini likaMengameli

2017-11-10 14:00

Harare – Lowo obeyiphini likamengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa kubikwa ukuthi ubalekele ezweni laseChina kulandela ukuxoshwa kwakhe esikhundleni nguMengameli Robert Mugabe ngoMsombuluko.

Umbiko weNew Zimbabwe.com ucaphune umthombo uthi uMnangagwa uhambo lwakhe uluhlelelwe yinhloko yamaqhawe ezempi kuleliya lizwe, uChris Mutsvangwa.

UMutsvangwa wayeyinxusa eChina.

OLUNYE UDABA: UMengameli usongele ngokufa oxoshwe eqenjini elibusayo - Umbiko

"(UMnangagwa) useChina manje. Usihlalo wamaqhawe ezempi uChristopher Mutsvangwa nguyena omhlelele uhambo,” kusho umthombo.

UMutsvangwa akaphikanga futhi akavumanga ebuzwa ngalolu daba, kodwa uthe akubuzwe umndeni kaMnangagwa, ngokusho kombiko.

UMutsvangwa ekhuluma nabezindaba kuleli sonto eGoli uthe iZimbabwe’s War Veterans Association isimxoshile uMugabe njengomholi wayo.

NgoLwesine kuvele imibiko ethi uMugabe usongele ngokufa uMnangagwa.

Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kwekomkhulu le-Zanu-PF eHarare ngoLwesithathu, uMugabe uthe isigcino "yigodi kulabo abafuna ukungena esikhundleni sakhe,” kubika i-New Zimbabwe.com.

UMugabe uthe “azikho izindlela ezisheshayo ekubeni ngumholi wabantu”.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...