Ubaba ushaye wabulala indodana yakhe emsole ngokweba iselula

2018-04-11 18:01

Harare - Ubaba ushaye kabi indodana yakhe ngemuva kokubona engathi uyadeleleka ngokusolwa ngokweba iselula.

Amaphoyisa aseZimbabwe athe lo baba wafika esiteshini samaphoyisa eyobika ngokushona kwendodana yakhe.

UFrazer Sibanda, 58, waseBulawayo watshela amaphoyisa ukuthi indodana yakhe uDennis, 35, ishone ngenxa yokuxinwa ukugula.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe 'oklinye, wabulala' indodana eThekwini

Yize kunjalo, ukuhlolwa kwesidumbu kwadalula ukuthi uDennis washona ngenxa yokushaywa.

Ngemuva kokupheka ngemibuzo kwabantu ababesendlini ngesikhathi sesigameko, amaphoyisa athola ukuthi uDennis wasola ubaba wakhe ngokumebela iselula.

Ngemuva kwalezo zinsolo, uSibanda wadonsa umphini washaya ngawo indodana yakhe emzimbeni yaze yashona.


 - wwww

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...