Ubaba ubulale indodana ngoba 'yebe' amaqanda

2016-11-16 10:01

Bulawayo - Indoda eneminyaka engu-49 ubudala ishaye yabulala indodana yayo engayizali eneminyaka engu-10 ubudala ngoba yebe amaqanda amathathu ngoLwesihlanu olwedlule eNkayi.

Le ndoda ishaye lo mfana ngezibhakela iphindelela yaze yamgqem nange-battery elikhulu ekhanda.

UGift Ngwenya owayebuya ethaveni ngezithuba zabo-19:00 wabikelwa ukuthi u-Ashton Ncube webe amaqanda amathathu wawabilisa wawadla.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abalisa ababili ngokubulala onina

Okhulumela amaphoyisa uCharity Charamba uthe isigameko senzeke eHlabathini Village esifundeni saseMatabeleland.

"Ngomhlaka-11 Novemba 2016, indoda eneminyaka engu-49 ubudala yayiphuma kophuza ngesikhathi itshelwa ngecala lendodana yayo lokweba amaqanda amathathu, eyawabilisa yawadla.

"Le ndoda yacasuka yashaya lo mfana kanzima, waze wawa phansi washona."

Icala labikelwa amaphoyisa, uNgwenya waboshwa.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...