Ubaba ubulale indodana kubangwa amakinati

2018-03-23 19:27

Lagos - Amaphoyisa aseNigeria aphenya ubaba oshaye indodana yakhe yaze yashona kubangwa amakinati e-Enuguin eningizimu-mpumalanga yeNigeria.

Okhulumela amaphoyisa uSP Ebere Amaraizu, uthe isigameko senzeke e-Obinetiti Isikwe village endaweni yase-Achi ngesikhathi ubaba uHyacinth Ilo, 60, exabana nendodana yakhe u-Izuchukwu Ilo, kubangwa amakinati.

"Ngesikhathi kuqubuka ingxabano uHyacinth ushaye indodana yakhe ngenduku ekhanda yawa yashayeka phansi yabe isiyashona," kusho u-Amaraizu.

OLUNYE UDABA:Kushone owesilisa kubangwa inqola yokuthenga

"Ngesikhathi ebona ukuthi indodana yakhe isiphume umphefumulo, ube eseyithatha wayoyingcwaba ethuneni elingashoni ngaphandle komuzi wakwakhe.

"Umsolwa useboshiwe kanti usiza amaphoyisa ngophenyo," kuphetha u-Amaraizu.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...