‘Sizozwa ngoNkulunkulu ukuthi uMugabe uzoshenxa nini’

2017-09-02 11:08

Harare – Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe wethue inkulumo okokuqala emphakathini kulandela izinsolo zokushaya unobuhle waseNingizimu Afrika, uGabriella Engels.

Nokho-ke uGrace akazange athi vu ngokuphathelene nalezi zinsolo ezibhekiswe kuye.

Esikhundleni salokho, uGrace uphinde wagxeka ukuqembuka okukhona ngaphakathi eqenjini elibusayo iZanu-PF, wagcizelela ekutheni uNkulunkulu usafuna ukuthi umyeni wakhe ahole iZimbabwe.

“UNkulunkulu usafuna uMengameli Mugabe kube nguye umholi, uzositshela futhi uma esefuna ehle esikhundleni,” ucashunwe esho kanje yiphephandaba elingaphansi kukahulumeni, iHerald.

UGrace ubekhuluma nezinkulungwane zabalandeli eralini ebibanjelwe eGweru.

OLUNYE UDABA: 'Uma wethuka uMugabe ngeke usithole isibusiso'

IGweru kanye namaphethelo yindawo eyaziwa njengesizinda sikaSekela Mengameli u-Emmerson Mnangagwa, osolwa ngokuhola iqeqebana eligaqele ukungena esihlalweni sikaMugabe.

Enkulumweni okusolakala ukuthi uGrace ubegudla ngayo uMnangagwa, uthe: “Ukuze uhole iZimbabwe kumele uthandwe yizona zonke izifundazwe.”

NgoLwesine, uMnangagwa uphoqiwe ukuba aphike izinsolo ezenziwa ngabalandeli bakhe zokuthi wadla u-ice cream unoshevu owawuhlinzekwe nguGrace eralini eyayingomhlaka-12 Agasti kuleliya lizwe.

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...