Sisobishini isangoma esibanjwe emathuneni omnndeni ebusuku

2017-09-22 18:00

Bulawayo - Sisobishini isangoma saseDlawa Village eNkayi ngemuva kokubanjwa emathuneni omndeni ebusuku.

UThulani Sigonondo odume kakhulu ngelikaKhulu Sigonondo kubikwa ukuthi kubi phakathi kwakhe nezihlobo kulandela ukubanjwa umfowabo uMduduzi emathuneni omndeni.

Umthombo ongathethimanga osondelene nomndeni uthe: "Bafuna uKhulu Sigonondo achaze ukuthi ubefunani emathuneni ebusuku.

"Basola ukuthi kungenzeka ukuthi ubesebenzisa amalungu omndeni angasekho emhlabeni ukuqinisa amandla akhe kanti futhi sebebone kungcono babonane nomphrofethi ukuze kuzotholakala miqiniso, kodwa lesi sangoma siyenqaba njengoba sithi asikholelwa kubaphrofethi.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ushonele emzini womphrofethi

"Umndeni njengamanje uhlukene phakathio njengoba abanye bethi lolu wudaba olubucayi futhi ayikho incazelo engathethela ukuiya komuntu emathuneni ebusuku ngaphandle kokwenza imikhuba yabo yangasese."

Kolunye uhlangothi, amanye amalungu omndeni akholwa wukuthi kukhona okufihlakele kulolu daba njengoba nabo bebuza umfowabo kaKhulu Sigonondo ukuthi ubeyaphi phakathi nobusuku.

Ngesikhathi kuxhunywana noKhulu Sigonondo ngodaba, uvele wahleka umbuzo, wabuza ukuthi lufike anjani kwaBulawayo.

"Lolu wudaba lo mndeni olungathi shu. Angisiye umuntu omuhle kumfowethu, lolu daba uvele walenza into enkulu.

"Uma udaba belubucayi bekufanele alubikele inkosi, kodwa siyaluxazulula njengomndeni.

"Bengingekho ngisho ngaphakathi emathuneni, kodwa bengime bude buduze nawo, ngenza okuthize," usho njalo.

Uphinde wathi uma ubenza okubi, ubengeke akhulume naye, kodwa ukhulumile, ukutshengisa ukuthi umsulwa.

Amanye amalungu omndeni aqinisekise udaba athi asazohlela usuku lokuba umndeni ubambe umhlangano.

"Yonke imindeni inezinkinga zayo, lolu daba lukaKhulu Sionondo lusazodingidwa ngumndeni. Kufane;e achaze," kusho uMduduzi. 

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...