Sishiswe umyeni waso sashona isalukazi ebesijola nomakhelwane

2016-10-08 11:02

Bulawayo -  Owesifazane oneminyaka engu-75 ubudala, uRugare Kashamise ushiswe wangoqangqa ngumyeni wakhe ngemuva kokumbamba oqotsheni nesoka lakhe elingumakhelwane wabo.

Kusolwa ukuthi uKashamise ubesenesikhathi eside enobudlelwano nomakhelwane wakhe uGeshom Phiri owashonelwa ngunkosikazi.

OLUNYE UDABA: Video: Ushiswe 'induku' obejola nozakwabo

UKashamise ushonele endaweni yesigameko kanye nomshana wakhe oneminyaka engu-7 ubudala, uPhiri wakwazi ukuphunyuka esigamekweni.

Udadewabo kaKashamise, uMary uthe wazama ukumxwayisa udadewabo ngalobu budlelwano kodwa waqhubeka nokubonana noPhiri.

"Umndeni waze wamubambela umhlangano njengoba ubudlelwano babo basebuphuma endleleni kodwa nawo lowomhlangano awusizanga," kusho Umary.

Umyeni kaK shamise u-Alfred Samalani, 85, uboshelwe icala lokubulala, kubika iBulawayo24.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...